Wednesday 2 May 2012

Amazwi esizukulwane sesibili sika-Gogo



Amazwi esizukulwane sesibili  sika-Gogo

Ugogo ubesithanda ngenhliziyo yakhe yonke
Namhlanje sinje nje nje kungenxa yakhe futhi ubeziqhenya ngathi
Kunzima kuthina sonke ukuthi sikwamukele ukuthi ngeke siphinde siwezwe amagama  athi “Umbhoshongo wakaNichol, Inkunzi uThabani, Funda, Mci, Nkonjane, Mpophoma, Gwajo, okuTozi, 
.Four corner

Ukuqhakaza kwezimbhali entwasahlobo kuyohlezi kusikhumbhuza indlela uGogo 
ayeyithanda ngayo impilo
Ukuphuma kwelanga ehlobo kuyohlezi kusikhumbhuza imfudumalo yothando lika Gogo

Ukungena kobusika kuyohlezi kusikhumbhuza izikhathi zobunzima kuleminyaka emincane esisayiphilile, uGogo ayehlezi ekhona eceleni kwethu esibambe izandla

Ngakho ntomb’ endala sithi singabazukulu bakho okwenyama kungashabala kodwa uyohlezi unathi ezinhliziyweni zethu

Ngizovala ngalamazwi engaziyo ukuthi uGogo ubezowasebenzisa ek’duduzeni umndeni nezihlobo
Sengiyahamba manje ngiya endlini yami yokugcina, ngakho ngithi kuni nonke
Inkosi Iphile
Inkosi Ithathile
Nisale Nomusa weNkosi Nokuthula