Amazwi esizukulwane sesibili sika-Gogo
Ugogo ubesithanda ngenhliziyo yakhe yonke
Namhlanje sinje nje nje kungenxa yakhe futhi ubeziqhenya ngathi
Kunzima kuthina sonke ukuthi sikwamukele ukuthi ngeke siphinde siwezwe
amagama athi “Umbhoshongo wakaNichol, Inkunzi
uThabani, Funda, Mci, Nkonjane, Mpophoma, Gwajo, okuTozi,
”.Four corner
Ukuqhakaza kwezimbhali entwasahlobo kuyohlezi kusikhumbhuza indlela
uGogo
ayeyithanda ngayo impilo
Ukuphuma kwelanga ehlobo kuyohlezi kusikhumbhuza imfudumalo yothando
lika Gogo
Ukungena kobusika kuyohlezi kusikhumbhuza izikhathi zobunzima
kuleminyaka emincane esisayiphilile, uGogo ayehlezi ekhona eceleni kwethu
esibambe izandla
Ngakho ntomb’ endala sithi singabazukulu bakho okwenyama kungashabala kodwa
uyohlezi unathi ezinhliziyweni zethu
Ngizovala ngalamazwi
engaziyo ukuthi uGogo ubezowasebenzisa ek’duduzeni umndeni nezihlobo
Sengiyahamba manje ngiya endlini yami yokugcina, ngakho ngithi kuni
nonke
Inkosi Iphile
Inkosi Ithathile
No comments:
Post a Comment