Friday 14 October 2011

Incwadi yothando ngesiZulu



Namhlanje ngizwe ngathi ngingabhala incwadi yothando ngesiZulu
Thath isandla sami usivumele sikusondeze enhliziyweni yami
Ubumbhano lwethu akukho okungaluhlakaza
Umangikubona ngiyengizwe intokozo emangalisayo

Esikhathini esifishane kangaka usungizwise uthando olumangalisayo
Futhi ngiqinisekile ngoba inhliziyo ayinamanga
Ingqondo kuphela ekwazi ukwakha amaqhinga
Indlela osungithinte ngayo akukholakali

Ukumamatheka kwakho kuqhakazisa usuku lami
Ukukhazimula kwamehlo akho kushokwezinkanyezi
Ukuthambha kwezindebe zakho mangabe ngikuqabula
O he! Ngiyabikelwa isizungu mangabe usuhambile

Mangabe usho ngezwilakho elimnene uthi “ngiyakuthanda sithandwa sami” Kuvele kuhlasimule umzimbha ngivukwe uhlevane
Ngangingazi ukuthi nami ngiyoze ngiphinde ngiluthole uthando olungaka

Sthandwa sami ngesinye isikhathi mawulele eceleni kwami
Ngivele ngiphelelwe amazwi
Ungaxwayi mawuza ngikugijima ngesandla sami ohlangothini lakho lwesinxele
Ngisuke ngifuna ukuzwa uthando lakho bukhoma.

Oh! Kodwa sthandwa sami ngifisa ngathi uthando lwethu lungafana nendilinga, lungabi nasiphetho.

4 comments:

  1. thats a good were is other ones

    ReplyDelete
  2. Namhlanje ngizwe ngathi ngingabhala incwadi yothando ngesiZulu
    Thath isandla sami usivumele sikusondeze enhliziyweni yami
    Ubumbhano lwethu akukho okungaluhlakaza
    Umangikubona ngiyengizwe intokozo emangalisayo
    Esikhathini esifishane kangaka usungizwise uthando olumangalisayo
    Futhi ngiqinisekile ngoba inhliziyo ayinamanga
    Ingqondo kuphela ekwazi ukwakha amaqhinga
    Indlela osungithinte ngayo akukholakali
    Ukumamatheka kwakho kuqhakazisa usuku lami
    Ukukhazimula kwamehlo akho amakhudlwana kushokwezinkanyezi
    Ukuthambha kwezindebe zakho mangabe ngikuqabula
    O he! Ngiyabikelwa isizungu mangabe usuhambile
    Mangabe usho ngezwilakho elimnene uthi “ngiyakuthanda sithandwa sami” Kuvele kuhlasimule umzimbha ngivukwe uhlevane
    Ngangingazi ukuthi nami ngiyoze ngiphinde ngiluthole uthando olungaka
    Sthandwa sami ngesinye isikhathi manginawe,
    Ngivele ngiphelelwe amazwi
    Ungaxwayi mubona ngikubheka emehlwen ngaphandle kokukhulum
    Ngikubambe ngikusondeze eduze kweyam inhliziyo.
    Ngisuke ngifuna ukuzwa uthando lakho bukhoma.
    Oh! Kodwa sthandwa sami ngifisa ngathi uthando lwethu lungafana nendilinga, lungabi nasiphetho.
    ‪#‎UsiyabongaJobEmtuBemfekayi‬
    ‪#‎UbucikoBaphakade‬

    ReplyDelete