Friday 14 October 2011

Zulu



Nomvula Wearing ubuhlalu (zulu beads), isicholo (hat) and a colourful umbrella



“It HAS TO BE SAID... Zulu is a beautiful Language... Spoken and Written... I just get so excited.... Get someone who knows, speaks and writes Genuine Zulu and you will know what I mean
Those are the words that insipred me...




My heart longs for him

inhliziyo yam iyavutha
akuwona umlilo we big Nuz
loluthando lungaba ingozi kumina 
kepha angifune muntu ozolucisha

out of the blue our paths colided

ngiyafisa ukuwazi ukuthi wayevelaphi lobhuti
ofana naye angikaze ngihlangana naye
wavele wafika eskhaleni,esthubeni wangiheha

oh how he Woo'd me with his sweet words

amazwi akhe ayengafani nawabanye
aye hlukile kakhulu, ngangingeke ngimfanise nomunye umuntu,
wayezimisele, emise okwenkosi yakwa zulu, engeve egqoke kahle
iscathulo sakhe singesukum'phansi

Love takes time and so he gave me his time inreturn for my heart

wayengajahile, futhi wayezithathela iskhathi sakhe
wathi kimi, "lelilanga elethu sodwa ungesabi, yimina nawe sthandwa
kade ngangimfuna ofana nawe, njengoba sengikutholile angisoze ngakulahla"

Oh how my heart melted

wase ethi "ngiyawuzwa umculo wenhliziyo yakho, uyangibiza uthi 'Qonda ngqo unge duki' 
sengifikile manje, ngizokucela kubazali bakho, ngizokuwezna owakwam"

let he not be lead astray, in his heart is is where i belong

My Zulu Warrior, with no spear or weapon he won me over, the battle was not mine to fight

Wangishela efuna ngimqome, ngasesengimthanda ngalesoskhathi, 
ngangingeke ngicabange ukumphoxha
ngangisaba kodwa ngingazi ngisabani
ngicabanga ukuth angase abaleke nenhliziyo yami, ngangizokwenzenjani
ngavele ngathi kuyena, "Lalela La, angisona isilima, futhi nje Anginaso iskhathi sokudlala"
Wangibambela eduze whathi/he whispered "thula thula, shh shh shh" wangicindezela esfubeni sakhe
ngalesoskhathi kwakuthi angikhale, kanti ngizomuzwa ethi "uwena wedwa sthandwa, lalela nayi inhliziyo yami iyaku memeza, ibiza igama lakho lodwa, lalela umculo wothando, ngiyakuthanda Nomvula"

at this point his intentions were very clear

kwakungathi ngiya phupha
kwafika emqondweni ukuthi angizi ncinze
ngizokwazi ukuvuvka ephushweni
angifuni ukuzihlupa ngiphinde ngiphuke inhliziyo ngokuzikhohlisa ngento engekho
"hawe Ma, kwaze kwabuhlungu" ngazizwa ngimemeza, ngikhala- sengizilimaza, ngiyncinza 
ngasengibona uukthi akulona iphupho leli

Kwasukasukela! Cosi! akuyona ngisho nenganekwane,

This was my reality not a fairytale





No comments:

Post a Comment